Ningacabangi ukusho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.
Johane 8:39 - Contemporary Zulu Bible 2024 Baphendula, bathi kuye: Ubaba wethu uAbrahama. UJesu wathi kubo: Uma ningabantwana baka-Abrahama, benizokwenza imisebenzi ka-Abrahama. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baphendula, bathi kuye: “Ubaba ngu-Abrahama.” UJesu wathi kubo: “Uma beningabantwana baka-Abrahama; beniyakwenza imisebenzi ka-Abrahama. IsiZulu 2020 Baphendula, bathi kuye: “Ubaba wethu ngu-Abhrahama.” UJesu wathi kubo: “Uma beningabantwana baka-Abhrahama beniyakukwenza imisebenzi ka-Abhrahama. Baasraak Zulu New Testament Bible Baphendula, bathi kuye: Ubaba wethu uAbrahama. UJesu wathi kubo: Uma ningabantwana baka-Abrahama, benizokwenza imisebenzi ka-Abrahama. |
Ningacabangi ukusho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.
ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena wenza ilanga lakhe liphume phezu kwababi nabahle, nemvula ayinisa kwabalungileyo nabangalungile.
Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama, asizange sibe yizigqila zamuntu; usho kanjani ukuthi: Niyakukhululwa na?
Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kodwa nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami alinandawo kini.
noyise wokusoka kwabangasibo abokusoka kuphela, kodwa abahamba futhi ezinyathelweni zokholo lukababa wethu u-Abrahama ayenalo engakasoki.
Ngakho-ke kungokholo, ukuze kube ngomusa; ukuze isithembiso siqiniseke kuyo yonke inzalo; kungeyisikho lokho okungokomthetho kuphela, kodwa nakulokho okungokukholwa kuka-Abrahama; ongubaba wethu sonke.
Futhi, ngokuba beyinzalo ka-Abrahama, bangabantwana bonke, kepha kuthiwa: ‘Inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka.’