Johane 8:36 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela. IsiZulu 2020 Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela. |
Futhi gcina inceku yakho ezonweni zokugabadela; mazingabuse phezu kwami; khona-ke ngizoba qotho futhi ngingabi nacala ecaleni elikhulu.
UMoya kaJehova uphezu kwami; ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabathotshisiweyo; Wangithuma ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa itilongo;
UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo;
Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila kuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nokufa.
Ngakho yimani niqinile enkululekweni uKristu asikhulule ngayo, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.