Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 8:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi lapho ngavela khona nokuthi ngiyaphi; kodwa lina kalikwazi lapho engivela khona lalapho engiya khona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi ukuthi ngavelaphi nokuthi ngiyaphi; kepha nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngisho noma ngizifakazela Mina, ubufakazi bami buyiqiniso, ngokuba ngiyazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. Nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi lapho ngavela khona nokuthi ngiyaphi; kodwa lina kalikwazi lapho engivela khona lalapho engiya khona.

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 8:14
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso; ububi buyisinengiso ezindebeni zami.


(Umuntu uMose wayemnene kakhulu kunabo bonke abantu ababesemhlabeni.)


Njengokuba uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba, futhi ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.


Nina nisho ngaye uBaba amngcwelisayo, wamthuma ezweni, ukuthi: Uyahlambalaza; ngoba ngithe: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu?


UJesu ekwazi ukuthi uYise unikele zonke izinto esandleni sakhe, lokuthi uvela kuNkulunkulu, njalo uye kuNkulunkulu;


Kawukholwa yini ukuthi mina ngikuBaba, loBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami, kepha uBaba ohlezi kimi, nguyena owenza imisebenzi.


Ngaphuma kuBaba, futhi ngizile emhlabeni;


Ngokuba amazwi onginike wona ngibanikile bona; futhi bawamukele, futhi bazi isibili ukuthi ngaphuma kuwe, futhi bakholwa ukuthi wena ungithumile.


UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.


Uma ngizifakazela mina, ubufakazi bami abuloqiniso.


UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ebenguYihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba mina ngaphuma ngivela kuNkulunkulu; futhi angizizelanga ngokwami, kodwa yena ungithumile.


UNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, obongeka kuze kube phakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga.


Sengibe yisiwula ngokuzibonga; ningiphoqile nina, ngokuba mina bekufanele ukuba nginconywe yinina, ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abakhulu kunabo bonke, noma ngingelutho.


Futhi nithi siyazithethelela kini na? sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu, kepha konke sikwenzela ukwakhiwa kwenu, bathandekayo.


nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.


Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisile, isiqalo sokudaliweyo kukaNkulunkulu;