Ungasakazi amahemuhemu; ungahlanganisi izandla nomubi ukuba ube ngufakazi ongalungile.
Johane 7:51 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umthetho wethu uyamgweba yini umuntu, ungakamuzwa, wazi akwenzayo na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ungakamuzwa kuqala, uze wazi akwenzayo, na?” IsiZulu 2020 “Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ngecala ungakamuzwa eziphendulela kuqala, bese wazi-ke ukuthi wenzeni na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Umthetho wethu uyamgweba yini umuntu, ungakamuzwa, wazi akwenzayo na? |
Ungasakazi amahemuhemu; ungahlanganisi izandla nomubi ukuba ube ngufakazi ongalungile.
Loba ngubani obulala umuntu, umbulali kumele abulawe ngomlomo wabofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakaza ngomuntu ukuba afe.
Ningakhethi abantu ekwahluleleni; kepha niyakuzwa omncane nomkhulu; akufanele wesabe ubuso bomuntu; ngoba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; necala elinisindayo nililethe kimi, ngilizwe.
Ngomlomo wawofakazi ababili noma kofakazi abathathu, lowo ofanele ukufa makabulawe; kodwa ngomlomo wofakazi oyedwa kayikubulawa.