Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 7:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

Emva kwalokho uJesu wahambahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, ngokuba abaJuda babefuna ukumbulala.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Emva kwalokho uJesu wahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, lokhu abaJuda bebefuna ukumbulala.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Emva kwalokho uJesu wahlala eGalile, ngokuba wayengathandi ukuya eJudiya, lokhu abaJuda babefuna ukumbulala.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Emva kwalokho uJesu wahambahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, ngokuba abaJuda babefuna ukumbulala.

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 7:1
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.


Kodwa abalimi sebeyibonile indodana bakhulumisana besithi: Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.


Ababhali nabapristi abakhulu bezwa lokho bafuna ukuthi bangambulala kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe.


Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na?


Wasuka eJudiya, wabuye wamuka, waya eGalile.


Leso siyisibonakaliso sesibili uJesu asenza ephuma eJudiya, efika eGalile.


Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya.


AmaJuda amdinga emkhosini, athi: Ungaphi yena?


Kepha kwakungekho muntu owakhuluma ngaye obala ngokwesaba abaJuda.


UMose akaninikanga yini umthetho, kepha akakho kini ogcina umthetho na? Nifuna ukungibulala ngani na?


Ngakho abanye kwabeJerusalema bathi: Lo kayisuye yini abafuna ukumbulala?


Khona abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo ukuba singamfumani na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kwabezizwe, afundise abezizwe na?


Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kodwa nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami alinandawo kini.


Kepha manje nifuna ukungibulala mina, mina muntu onitshele iqiniso, engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama akakwenzanga lokho.


Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.