Wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana abancane, anisoze nangena embusweni wezulu.
Johane 6:53 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila kini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila phakathi kwenu. IsiZulu 2020 Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila. Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila kini. |
Wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana abancane, anisoze nangena embusweni wezulu.
Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.
UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.
UPetro wathi kuye: Kawusoze wageza inyawo zami. UJesu wamphendula wathi: Uba ngingakugezi, kawulasabelo lami.
Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele isithelo ngokwalo, ngaphandle kokuthi lihlala emvinini; anisakwazi, uma ningahlali kimi.
UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.
Okholwa eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila; kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe.
UJesu waphendula wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Ngaphandle kokuthi umuntu azalwe ngamanzi langoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.
Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade;
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu.