Ngidonsa, siyakugijima emva kwakho; inkosi yangingenisa emakamelweni ayo; sizojabula futhi sijabule ngawe, sizocabanga ngothando lwakho ngaphezu kwewayini; abaqotho bayakuthanda.
Johane 6:44 - Contemporary Zulu Bible 2024 Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo emdonsa, mina-ke ngiyakumvusa ngosuku lokugcina. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. IsiZulu 2020 Akekho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonseli kimi. Mina-ke ngiyakumvusa ngomhla wokuphela. Baasraak Zulu New Testament Bible Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo emdonsa, mina-ke ngiyakumvusa ngosuku lokugcina. |
Ngidonsa, siyakugijima emva kwakho; inkosi yangingenisa emakamelweni ayo; sizojabula futhi sijabule ngawe, sizocabanga ngothando lwakho ngaphezu kwewayini; abaqotho bayakuthanda.
UmKushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo, na? khona-ke ningase nenze okuhle nina enijwayele ukwenza okubi.
UJehova wabonakala kimi kwasendulo, wathi: “Yebo, ngikuthandile ngothando oluphakade; ngalokho ngikudonsile ngomusa.
Ngabadonsa ngezintambo zomuntu, ngezibopho zothando; kubo ngaba njengosusa ijoka emihlathini yabo, ngabanika inyama.
Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
UJesu waphendula wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.
Ningakholwa kanjani nina enidumisa omunye komunye, ningaludingi udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa na?
Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: Futhi bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu. Ngakho wonke umuntu ozwile kuBaba wafunda kuBaba uyeza kimi.
Wasesithi: Kungakho ngithe kini: Kakho ongeza kimi, ngaphandle kokuthi ukuphiwe nguBaba.
Ngokuba niphiwe nina ngenxa kaKristu, kungesikho ukukholwa kuye kuphela, kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe;
Nangcwatshwa kanye naye embhapathizweni, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokholo lwamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.