Johane 6:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Sebegwedlile kungathi amastadiyu angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona sebegwedlile kungathi amastadiyu* angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; bethuka. IsiZulu 2020 Kuthe sebegwedle ibanga elingaba ngamastadiyu angama-25 noma angama-30, bambona uJesu ehamba phezu kolwandle esondela esikebheni, besaba. Baasraak Zulu New Testament Bible Sebegwedlile kungathi amastadiyu angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; |
UJehova oPhezukonke unamandla kunokuhlokoma kwamanzi amaningi, yebo, kunamaza amakhulu olwandle.
Izigwedlo zakho zakungenisa emanzini amakhulu; umoya wasempumalanga wakuphula phakathi kolwandle.
Kodwa amadoda agwedla ngamandla ukuyibuyisela emhlabathini; kepha behluleka, ngokuba ulwandle lwase luvunguzela, lubavunguzela.
Bheka, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu angamashumi ayisithupha.
Kwathi eseza, idimoni layiwisela phansi, layihlukumeza kakhulu. UJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umntwana, wambuyisela kuyise.
Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni sewayini laze lafika ematomini amahhashi, lihamba amastadiyu ayinkulungwane namakhulu ayisithupha.
Umuzi wawunezinhlangothi ezine ezilinganayo, ubude bawo bungangobubanzi bawo; walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu ayizinkulungwane eziyishumi nambili. Ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kuyalingana.