Wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, abafundi baphakela izixuku.
Johane 6:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wathatha izinkwa; esebongile wababela ababehlezi phansi; kanjalo nezinhlanzi ngokuthanda kwabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wazithabatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehlezi phansi, kanjalo futhi nezinhlanzana, njengokuthanda kwabo. IsiZulu 2020 Ngakho-ke uJesu wathatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehleli lapho, wenza kanjalo futhi nangezinhlanzi, njengokuthanda kwabo. Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wathatha izinkwa; esebongile wababela ababehlezi phansi; kanjalo nezinhlanzi ngokuthanda kwabo. |
Wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, abafundi baphakela izixuku.
Kwasekusithi ehlezi labo ekudleni, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika.
Khona sebefikile emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi kubekwe kuwo, nesinkwa.
(Kepha kwafika eminye imikhumbi evela eTiberiya eduze nendawo lapho ababedle khona isinkwa, ngemva kokuba iNkosi ibongile.)
Eseshilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla.
Ohlonipha usuku ulugcina eNkosini; futhi lowo ongalunanzi usuku, eNkosini. Odlayo udla eNkosini, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo akadli ngenxa yeNkosi, futhi ubonga uNkulunkulu.
Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.
Kukho konke bongani, ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.
Ngokushesha nje lapho ningena emzini, niyomthola masinyane ngaphambi kokuba akhuphukele endaweni ephakeme ukuze adle; ngoba abantu abayikudla aze afike, ngoba ubusisa umhlatshelo; ngasemuva badla abamenyiweyo. Sukuma manje; ngoba ngalesisikhathi lizamthola.