Kepha yena waphuma, waqala ukumemezela kakhulu nokuyidalula leyondaba, kwaze kwaba yilapho uJesu engasenakukwazi ukungena emzini obala, kodwa waba ngaphandle ezindaweni eziyihlane;
Johane 5:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo. IsiZulu 2020 Lowo muntu wahamba wayobikela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo. Baasraak Zulu New Testament Bible Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo. |
Kepha yena waphuma, waqala ukumemezela kakhulu nokuyidalula leyondaba, kwaze kwaba yilapho uJesu engasenakukwazi ukungena emzini obala, kodwa waba ngaphandle ezindaweni eziyihlane;
Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na?
Wozani, libone umuntu, ongitshele konke engakwenzayo; lo kayisuye uKristu yini?
Ngalokho abaJuda bamzingela uJesu, badinga ukumbulala, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha.
Ngakho-ke amaJuda adinga kakhulu ukumbulala, ngoba wayengaphuli isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana loNkulunkulu.
Khona futhi nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda udaka emehlweni ami, ngageza, sengiyabona.
Yena waphendula wathi: Noma uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.
Umuntu waphendula, wathi kubo: Kungani kulokhu kuyisimangaliso, ukuthi nina anazi lapho avela khona, nokho uvule amehlo ami.
Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle.