Kathathu ngomnyaka wonke amadodana akho ayakuvela phambi kweNkosi uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli.
Johane 5:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. IsiZulu 2020 Emva kwalokho kwaba khona umkhosi wabaJuda, uJesu wakhuphukela eJerusalema. Baasraak Zulu New Testament Bible Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. |
Kathathu ngomnyaka wonke amadodana akho ayakuvela phambi kweNkosi uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli.
UJesu waphendula wathi kuye: Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke. Wase emvumela.
Kodwa kwathi ukuphelela kwesikhathi sekufikile, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazana, yazalwa ngaphansi komthetho.
Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika ekudumiseni uJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibithe ebusuku.
Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha; ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho.