Johane 4:46 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wabuye weza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi aba yiwayini. Kwakukhona induna ethile, indodana yayo yayigula eKapernawume. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wayesephinda eza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi abe yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi endodana yayo yayigula eKapernawume. IsiZulu 2020 Ngakho-ke waphinda waya eKhana eGalile, lapho aguqula khona amanzi aba yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi eyayigulelwa yindodana yayo eKhaphernawume. Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wabuye weza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi aba yiwayini. Kwakukhona induna ethile, indodana yayo yayigula eKapernawume. |
Ngizohamba ngibuyele endaweni yami baze basivume isiphambeko sabo futhi bafune ubuso bami; osizini lwabo bayongifuna kusenesikhathi.
Bheka, kwavela kuleyo mikhawulo owesifazane waseKhanani, wakhala kuye, wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide; Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.
Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elisogwini lolwandle, emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali;
Esakhuluma lokho kubo, bheka, kwafika umbusi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami isishonile;
Ngoba wayelendodakazi eyodwa, eyayileminyaka elitshumi lambili, yona isigulela ukufa. Kepha ekuhambeni kwakhe abantu bamminyezela.
Emva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe; bahlala khona izinsuku ezingeziningi.
Kwakundawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, namadodana kaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe.