Johane 4:36 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ovunayo wemukela inkokhelo, abuthe isithelo ekuphileni okuphakade, ukuze ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ovunayo wamukeliswa umvuzo, abuthe isithelo kube ngukuphila okuphakade ukuba ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo. IsiZulu 2020 Lowo ovunayo uthola umvuzo, aqoqe isithelo kube ngukuphila okuphakade ukuze ohlwanyelayo athokoze novunayo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ovunayo wemukela inkokhelo, abuthe isithelo ekuphileni okuphakade, ukuze ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo. |
Labahlakaniphileyo bayakukhanya njengokubenyezela komkhathi; nalabo abaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.
Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amasimu, ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kakhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.
Okholwa eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila; kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe.
Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade, akayi ekwahlulelweni; kodwa wedlulile ekufeni wangena ekuphileni.
Kepha angithandi ukuba ningazi, bazalwane, ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, ngavinjwa kuze kube manje, ukuze ngibe nesithelo naphakathi kwenu, nanjengakwabanye abezizwe.
Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade;
Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zikaNkulunkulu, nisitholile isithelo senu kube ngubungcwele, nokugcina ukuphila okuphakade.
Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
Uyini-ke umvuzo wami? Yebo, ukuze nxa ngishumayela ivangeli, ngenze ivangeli likaKristu libe ngeze, ukuze ngingasebenzisi amandla ami evangelini.
Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wethu wokuzibonga na? Angithi nina phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwayo na?
Ziqaphele wena nesifundiso; hlala kuzo, ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.