Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 4:34 - Contemporary Zulu Bible 2024

UJesu wathi kubo: Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngiqede umsebenzi wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukuba ngenze intando yongithumileyo, nokuba ngiwuphothule umsebenzi wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

UJesu wathi kubo: Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngiqede umsebenzi wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 4:34
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Angibuyanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi omlomo wakhe ngawenza ngaphezu kokudla kwami.


Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami; yebo, umthetho wakho usenhliziyweni yami.


Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, makudlule kimi lesisitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.


UJesu waphendula wathi kuye: Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke. Wase emvumela.


Wasuka uJesu, wamlandela, nabafundi bakhe.


Kanjalo, ngithi kini: Kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.


Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa obekulahlekile.


Wathi kubo: Beningifunelani na? beningazi yini ukuthi ngifanele ukuba kokukaBaba na?


Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngiwuqedile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze.


Emva kwalokho uJesu ekwazi ukuthi zonke izinto seziphelile, ukuze kugcwaliseke umbhalo, wathi: Ngomile.


Kuthe uJesu eselamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe.” Wagebisa ikhanda, wafa.


Kodwa wathi kubo: Mina ngilokudla engikudlayo lina elingakwaziyo.


Mina ngingenze lutho ngokwami; ngoba kangifuni intando yami, kodwa intando kaBaba ongithumileyo.


Kepha mina nginobufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.


Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, onika izwe ukuphila.


Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.


Ongithumileyo unami; uBaba akangishiyanga ngedwa; ngoba mina ngenza njalo okumthokozisayo.


Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’


sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.