Angibuyanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi omlomo wakhe ngawenza ngaphezu kokudla kwami.
Johane 4:32 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa wathi kubo: Mina ngilokudla engikudlayo lina elingakwaziyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha wathi kubo: “Nginokudla engikudlayo eningakwaziyo.” IsiZulu 2020 Kepha wathi kubo: “Nginokudla engikudlayo eningakwaziyo nina.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa wathi kubo: Mina ngilokudla engikudlayo lina elingakwaziyo. |
Angibuyanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi omlomo wakhe ngawenza ngaphezu kokudla kwami.
Amnandi kangakanani amazwi akho emlonyeni wami! yebo, imnandi kunezinyosi emlonyeni wami.
Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakukudumisa ngezindebe ezithokozayo.
Isisu somuntu sigcwele isithelo somlomo wakhe; uyakwaneliseka ngobuningi bezindebe zakhe.
Uyobona umshikashika womphefumulo wakhe, asuthe; ngokwazi kwakhe uyakuyenza inceku yami elungileyo ilunge kakhulu; ngokuba uyakuthwala ububi babo.
Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; izwi lakho laba yintokozo kimi nentokozo yenhliziyo yami, ngokuba igama lakho labizwa phezu kwami, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.
UJesu wathi kubo: Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngiqede umsebenzi wakhe.
Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.