Abayikulamba, noma bome; futhi ukushisa nelanga ngeke kubashaye; ngokuba lowo onomusa kubo uyakubahola, abahole ngasemithonjeni yamanzi.
Johane 4:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.” IsiZulu 2020 Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade. |
Abayikulamba, noma bome; futhi ukushisa nelanga ngeke kubashaye; ngokuba lowo onomusa kubo uyakubahola, abahole ngasemithonjeni yamanzi.
Awu, wonke owomileyo uyeza emanzini, nongenamali; wozani nithenge, nidle; yebo, wozani nithenge iwayini nobisi ngaphandle kwemali nangaphandle kwentengo.
UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho endaweni yokomisa, akhuluphalise amathambo akho; futhi uyoba njengensimu eniselwayo nanjengomthombo omanzi awo anganqamuki.
Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili; bangishiyile mina, mthombo wamanzi aphilayo, bazimbele imithombo, imithombo eqhekekileyo, engagcini manzi.
Ngokuba ngiyawusuthisa umphefumulo okhatheleyo, ngigcwalise yonke imiphefumulo edabukileyo.
Futhi kuyokwenzeka ukuthi konke okuphilayo, okunyakazayo, nomaphi lapho imifula ifika khona kuyophila; kuyakuba-khona izinhlanzi eziningi kakhulu, ngokuba lawa manzi ayakufika khona, ngokuba ayakuphiliswa; futhi konke kuyophila lapho umfula ufika.
Kepha umthombo noma umthombo okukuwo amanzi amaningi kuyakuba kuhlanzekile; kepha othinta isidumbu sazo uyakuba ngongcolile.
Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.
Isela alizi kodwa ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
UJesu waphendula wathi kuye: Uba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, lokuthi ngubani othi kuwe: Nginathisa; ubuyakucela kuye, yena ubeyakukunika amanzi aphilayo.
Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, kawunalutho lokukha, nomthombo ujulile; uwathathephi lawo manzi aphilayo na?
Ovunayo wemukela inkokhelo, abuthe isithelo ekuphileni okuphakade, ukuze ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo.
Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;
UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba; okholwa yimi kasoze oma naphakade.
Leso yisinkwa esehla ezulwini, kungenjengalokho oyihlo badla imana, bafa; odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.
Kwathi ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.
ukuze njengalokho isono sabusa kube ngukufa, ngokunjalo nomusa ubuse ngokulunga kube ukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.
Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.
Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;
Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.
Abasayikulamba, bangabe besakoma; nelanga aliyikubakhanyisela, noma yikuphi ukushisa.
Ngokuba iWundlu eliphakathi kwesihlalo sobukhosi liyakubalusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila;