Lokho akubonileyo lakuzwayo uyafakaza ngakho; njalo kakho owemukela ubufakazi bakhe.
Akubonileyo nakuzwileyo lokho ufakaza ngakho; kepha akakho owamukela ubufakazi bakhe.
Ufakaza ngakubonileyo nakuzwileyo, kodwa akekho owemukela ubufakazi bakhe.
Kungani ekufikeni kwami kwakungekho muntu? ngithe ngifona kungekho ophendulayo? Isandla sami sifinyeziwe yini ukuba singehlenge na? noma anginawo amandla okusindisa na? Bheka, ngokusola kwami ngomisa ulwandle, nemifula ibe ugwadule; izinhlanzi zabo ziyanuka, ngokuba kungekho manzi, ziyafa ukoma.
Ngubani owakholwa umbiko wethu? lengalo yeNKOSI yambulelwa bani?
Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyaphiwa; nalowo ofunayo uyathola; lalowo oqoqodayo uzavulelwa.
Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga.
Kusukela manje anginibizi ngokuthi izinceku; ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa inkosi yayo; ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.
UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo; kepha anibamukeli ubufakazi bethu.
Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe ngaphesheya kweJordani, owafakaza ngaye, bheka, yena uyabhapathiza, futhi bonke beza kuye.
Owamukele ubufakazi bakhe ubeke uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile.
Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; uyakuyikhombisa nemisebenzi emikhulu kunale ukuba nimangale.
Nginokuningi engingakusho nokwahlulela ngani; kepha ongithumileyo uqinisile; futhi ngikhuluma emhlabeni lokho engikuzwile kuye.