Ngalokho ngiyakuyabela izabelo kanye nabakhulu, yahlukanise impango nabanamandla; ngokuba wawuthulula umphefumulo wakhe ekufeni, wabalelwa kanye nezoni; futhi wathwala izono zabaningi futhi wathandazela aboni.
Johane 3:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yena umelwe ukukhula, kepha mina nginciphe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umelwe ukukhula yena, nginciphe mina. IsiZulu 2020 Kufanele akhule Yena, kodwa mina nginciphe. Baasraak Zulu New Testament Bible Yena umelwe ukukhula, kepha mina nginciphe. |
Ngalokho ngiyakuyabela izabelo kanye nabakhulu, yahlukanise impango nabanamandla; ngokuba wawuthulula umphefumulo wakhe ekufeni, wabalelwa kanye nezoni; futhi wathwala izono zabaningi futhi wathandazela aboni.
Ukwanda kokubusa nokuthula akuyikuphela, esihlalweni sobukhosi sikaDavide naphezu kombuso wakhe, ukuze umiswe futhi uqiniswe ngokulunga nangobulungisa kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakukwenza.
Lowo onomakoti ungumyeni; kepha umngane womyeni, omiyo emuzwa, uthokoza kakhulu ngezwi lomyeni; ngakho lokhu kujabula kwami kugcwalisekile.
Ovela phezulu uphezu kwabo bonke; ongowomhlaba ungowomhlaba, futhi ukhuluma okomhlaba;
Pho ungubani uPawulu, no-Apholo uyini, kodwa izikhonzi enakholwa ngazo, njengalokho iNkosi yamnika yilowo nalowo?
Futhi yona iyinhloko yomzimba, ibandla, eyisiqalo, izibulo kwabafileyo; ukuze ibe ngeyokuqala ezintweni zonke.
Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: Imibuso yalelizwe isibe imibuso yeNkosi yethu, lekaKristu wayo; futhi iyakubusa kuze kube phakade naphakade.