Yizwani lokhu manje nina bantu abayiziwula eningenakuqonda; abanamehlo kodwa ababoni; abanezindlebe, bangezwa;
Johane 3:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.” IsiZulu 2020 UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa kabusha, ngeke awubone umbuso kaNkulunkulu.” Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu. |
Yizwani lokhu manje nina bantu abayiziwula eningenakuqonda; abanamehlo kodwa ababoni; abanezindlebe, bangezwa;
Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha; ngiyakukhipha inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama.
UJesu waphendula wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.
Njalo futhi ngithi kini: Kulula ukuthi ikamela lingene ngentunja yenalithi, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.
Ngumuphi kulaba ababili owenza intando kayise na? Bathi kuye: Eyokuqala. UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.
Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.
Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana abancane beze kimi, lingabenqabeli, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.
Abazalwa kungengagazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa nguNkulunkulu.
Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakubona izulu livulekile, nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.
Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo; ukuze bangaboni ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.
UNikodima wathi kuye: Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?
okukubo unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabangakholwayo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.
Kodwa uJehova akaninikanga inhliziyo yokubona namehlo okubona nezindlebe zokuzwa kuze kube namuhla.
Kungengemisebenzi yokulunga esayenzayo thina, kodwa ngokwesihawu sakhe wasisindisa, ngesigezo sokuzalwa kutsha, nangokwenziwa basha ngoMoya oNgcwele;
Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.
Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, obuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilayo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo.
Wonke ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono; ngokuba imbewu yakhe ihlezi kuye, angoni, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.
Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNkulunkulu, nalowo othanda ozalayo uyamthanda nalowo ozelwe nguye.
Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni; kepha ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, omubi akamthinti.
Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisile, isiqalo sokudaliweyo kukaNkulunkulu;