Phumani, madodakazi aseZiyoni, nibone iNkosi uSolomoni, inomqhele unina ayithwesa ngawo ngosuku lomshado wayo nangosuku lwentokozo yenhliziyo yayo.
Johane 3:29 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lowo onomakoti ungumyeni; kepha umngane womyeni, omiyo emuzwa, uthokoza kakhulu ngezwi lomyeni; ngakho lokhu kujabula kwami kugcwalisekile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Onomlobokazi ungumyeni, kepha umhlobo womyeni omiyo emuzwa uthokoza nokuthokoza ngezwi lomyeni. Le ntokozo yami isiphelele. IsiZulu 2020 Lowo onomakoti, ungumyeni; kepha umngani omise umyeni uyathokoza lapho ezwa izwi lomyeni. Ngakho-ke ukuthokoza kwami sekuphelelisiwe. Baasraak Zulu New Testament Bible Lowo onomakoti ungumyeni; kepha umngane womyeni, omiyo emuzwa, uthokoza kakhulu ngezwi lomyeni; ngakho lokhu kujabula kwami kugcwalisekile. |
Phumani, madodakazi aseZiyoni, nibone iNkosi uSolomoni, inomqhele unina ayithwesa ngawo ngosuku lomshado wayo nangosuku lwentokozo yenhliziyo yayo.
Ngangena ensimini yami, dadewethu, makoti wami; Ngabutha imure lami namakha ami; Ngadla amakhekheba ami nezinyosi zami; Ngaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami; dlani, oh bangane! phuzani, yebo, phuzani kakhulu, zithandwa.
Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho; NguJehova Sebawoti igama lakhe; noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli; Uyobizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.
Ukuze nincele, nisuthe emabeleni enduduzo yalo; ukuze nisenge, nithokoze ngokuchichima kwenkazimulo yalo.
Hamba umemeze ezindlebeni zeJerusalema uthi: Usho kanje uJehova; Ngicabanga ngawe, umusa wobusha bakho, uthando lomshado wakho, lapho ungilandela ogwadule, ezweni elingatshalwanga.
Lapho ngidlula kuwe, ngakubona, bheka, isikhathi sakho kwakuyisikhathi sothando; ngendlala ingubo yami phezu kwakho, ngembesa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngenza isivumelwano nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.
Futhi ngizokugana ube ngowami kuze kube phakade; yebo, ngiyakugana wena ngokulunga, nangobulungisa, nangobubele, nangomusa.
Khona umbuso wezulu uyakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni.
UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangalila yini, umyeni enabo na? kodwa ziyakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo, khona-ke bezakuzila.
Esefikile ekhaya, abizele ndawonye abangani bakhe nomakhelwane, athi kubo: “Thokozani nami; ngoba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.
Lezizinto ngizikhulume kini, ukuze intokozo yami ihlale kini, lokuthi intokozo yenu igcwale.
Kuze kube manje anikaceli lutho egameni lami; celani, nizakwamukeliswa, ukuze ukuthokoza kwenu kugcwale.
Manje ngiza kuwe; lezi zinto ngizikhuluma ezweni, ukuze babe nokuthokoza kwami kugcwaliseke kubo.
Ngokuba ngiyanishisekela ngesikhwele sikaNkulunkulu, ngokuba nganandisela endodeni eyodwa, ukuze nginethule kuKristu niyintombi emhlophe.
Gcwalisani intokozo yami, ukuze nibe nhliziyonye, ninothando olufanayo, nibe nhliziyonye, nengqondo munye.
Nginezinto eziningi zokunilobela zona, angithandi ukunilobela ngephepha noyinki, kodwa ngiyethemba ukuza kini, ngikhulume nani umlomo nomlomo, ukuze intokozo yethu igcwale.
Kwase kufika kimi enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa ezigcwele izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngizokubonisa umlobokazi, umkaWundlu.