Johane 3:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.” IsiZulu 2020 Kepha lowo owenza iqiniso, uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu. |
Nkosi, uyakusimisela ukuthula, ngokuba wena wenze yonke imisebenzi yethu kithi.
Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.
U-Efrayimi uyakuthi: “Ngihlangene ngani nezithombe na? Ngamuzwa, ngambona: Nginjengomsayiphuresi oluhlaza. Kimi izithelo zakho ziyatholakala.
UJesu wabona uNathanayeli eza kuye, wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli okungekho nkohliso kuye.
Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ingasolwa.
Hlolani imibhalo; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.
Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami.
Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize; kodwa ngisebenze kakhulu kakhulu kunabo bonke;
Ngokuba ukuthokoza kwethu yilokhu, ubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi ngobuqotho nangobuqotho bukaNkulunkulu, sihambe ngokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu, kakhulu kinina kakhulu.
Ngokuba ohlwanyelela enyameni yakhe uyakuvuna ukonakala enyameni; kodwa ohlwanyelela kuMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.
nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingoJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.
Ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe enhle.
Nami ngiyakukhandlekela lokho, ngilwa ngokokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.
Makaniphelelise emisebenzini yonke emihle ukuze nenze intando yakhe, esebenza kini lokho okubongekayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;
Uma sithi sinenhlanganyelo naye, kepha sihamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso;
Sithandwa, ungalandeli okubi, kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kepha owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.
Ngiyayazi imisebenzi yakho, ukuthi awubandi, awushisi; ngabe uyabanda noma uyashisa.