Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izithombe, wagawula izihlahla, waphula inyoka yethusi uMose ayeyenzile, ngokuba kwaze kwaba yilezo zinsuku abantwana bakwa-Israyeli bashunqa kuyo umusi, wayiqamba ngokuthi uNehustan.
Johane 3:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa IsiZulu 2020 Njengalokhu uMose wayiphakamisa inyoka ehlane, kanjalo neNdodana yomuntu imele ukuphakanyiswa, Baasraak Zulu New Testament Bible Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa; |
Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izithombe, wagawula izihlahla, waphula inyoka yethusi uMose ayeyenzile, ngokuba kwaze kwaba yilezo zinsuku abantwana bakwa-Israyeli bashunqa kuyo umusi, wayiqamba ngokuthi uNehustan.
Ngokuba izinja zingihaqile, isixuku sababi singihaqile; babhoboza izandla zami nezinyawo zami.
Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime njengebhanela labantu; emva kwalokho abezizwe bayakufuna, nokuphumula kwakhe kuyakuba yinkazimulo.
UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.
lokuthi abapristi abakhulu lababusi bethu bamnikela njani ukuthi agwetshelwe ukufa, basebembethela esiphambanweni.
Ukuze ligcwaliseke ilizwi likaJesu alikhulumayo, etshengisa ukuthi kukufa kuni ayezakufa ngakho.
Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade;
Khona uJesu wathi kubo: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami; kodwa njengoba uBaba engifundisile, ngikhuluma lezizinto.
yena esenikelwe ngecebo elimisiweyo nangokwazi kukaNkulunkulu ngaphambili, namthatha, ngezandla zababi nambethela, nambulala;