Johane 21:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho lowomfundi uJesu amthandayo wathi kuPetro: YiNkosi. USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka ingubo yakhe yokudoba, ngokuba wayenqunu, waziphonsa olwandle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona lowo mfundi uJesu amthandayo wathi kuPetru: “YiNkosi.” USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba ze, waziphonsa elwandle. IsiZulu 2020 Ngakho-ke lowo mfundi uJesu amthandayo wathi kuPhethro: “YiNkosi.” USimoni Phethro, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba ze, waziphonsa olwandle. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho lowomfundi uJesu amthandayo wathi kuPetro: YiNkosi. USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka ingubo yakhe yokudoba, ngokuba wayenqunu, waziphonsa olwandle. |
Uma umuntu ethi kini: ‘Nenzelani lokhu na? anothi iNkosi iyalidinga; njalo izahle imthumele lapha.
Ngakho-ke ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe; ngokuba wayethanda kakhulu, kepha othethelelwa okuncane, uthanda kancane.
UJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi khona, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho!
Wayesegijima, waya kuSimoni Petru nakomunye umfundi uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapho abayibeke khona.
Eseshilo lokho wababonisa izandla nohlangothi lwakhe. Khona-ke abafundi bajabula lapho bebona iNkosi.
UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela; laye eyame esifubeni sakhe esidlweni, wathi: Nkosi, ngubani okukhaphelayo?
Nguye lo umfundi ofakaza ngalezi zinto, nezilobile lezizinto; siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buqinisile.
Abanye abafundi beza ngomkhumbi; (ngokuba babengekude nenhlabathi, kungathi izingalo ezingamakhulu amabili), bedonsa inetha elinezinhlanzi.
Ilizwi uNkulunkulu alithumela kubantwana bakoIsrayeli, etshumayela ukuthula ngoJesu Kristu, yena oyiNkosi yabo bonke;
Ngakho-ke yonke indlu ka-Israyeli mayazi isibili, ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu yena lowo Jesu enambethela esiphambanweni.
Umuntu wokuqala uvela emhlabeni, ungowomhlaba; umuntu wesibili yiNkosi evela ezulwini.
Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela; ngokuba sibona kanje, ukuthi munye wafela bonke, khona-ke bonke bafile;
Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi ngokukhetha abantu.