Izinyoni zezulu nezinhlanzi zolwandle nakho konke okudabula ezindleleni zolwandle.
Johane 21:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wasesithi kubo: Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, lizathola. Base bephonsa, kepha babe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi kubo: “Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, nizakuthola.” Base bephonsa, ababe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi. IsiZulu 2020 Wayesethi kubo: “Phonsani inetha ngakwesokunene sesikebhe, nizakubamba.” Base beliphonsa, kodwa behluleka ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi. Baasraak Zulu New Testament Bible Wasesithi kubo: Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, lizathola. Base bephonsa, kepha babe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi. |
Izinyoni zezulu nezinhlanzi zolwandle nakho konke okudabula ezindleleni zolwandle.
Kuyakuthi abadobi beme kuwo kusukela e-Eni Gedi kuze kube se-Eneglayimi; bayakuba yindawo yokweneka amanetha; izinhlanzi zazo ziyakuba ngezinhlobo zazo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu.
Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya kuleyo ndlu; yawa: kwaba kukhulu ukuwa kwayo.
Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu.
Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda wawungathi izinkulungwane ezinhlanu.