Wabheka, bheka, nanto iqebelengwane elibhakiwe phezu kwamalahle, nembiza yamanzi ngasekhanda lakhe. Wadla, waphuza, wabuye walala;
Johane 21:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona uJesu wathi kubo: Bantwana, aninakho ukudla na? Bamphendula bathi: Hatshi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wathi-ke kubo: “Bantwana, aninakho ukudla na?” Bamphendula bathi: “Qha.” IsiZulu 2020 UJesu wathi kubo: “Bantwana, aninakho yini ukudla na?” Bamphendula bathi: “Qha.” Baasraak Zulu New Testament Bible Khona uJesu wathi kubo: Bantwana, aninakho ukudla na? Bamphendula bathi: Hatshi. |
Wabheka, bheka, nanto iqebelengwane elibhakiwe phezu kwamalahle, nembiza yamanzi ngasekhanda lakhe. Wadla, waphuza, wabuye walala;
Kwathi sekuhlwile, beza kuye abafundi bakhe, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; yekela izixuku zihambe, ukuze ziye emizaneni, zizithengele ukudla.
Kodwa uNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe enkazimulweni kuKristu Jesu.
Inkulumo yenu mayingabi-kuhaha; yaneliswani ngalokho eninakho, ngokuba ushilo ukuthi: ‘Angisoze ngakushiya, angisoze ngakushiya.
Ngiyanilobela bobaba, ngokuba nimazile okhona kwasekuqaleni. Ngiyanilobela, zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi. Ngiyanilobela, bantwanyana, ngokuba nimazile uBaba.
Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokho nezwa ukuthi umphikukristu uyeza, nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.