USimoni waphendula wathi kuye: “Rabi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga lutho;
Johane 21:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 USimoni Petru wathi kubo: “Ngiya kodoba. Basebesithi kuye: Lathi sihamba lawe. Base bephuma, bangena emkhunjini masinyane; futhi ngalobo busuku ababambanga lutho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USimoni Petru wathi kubo: “Ngiya kodoba.” Bathi kuye: “Nathi sihamba nawe.” Base bephuma, bangena emkhunjini; kepha ngalobo busuku ababambanga lutho. IsiZulu 2020 USimoni Phethro wathi kubo: “Ngisayodoba.” Bathi kuye: “Nathi sihamba nawe.” Bahamba, bangena esikebheni; kodwa ngalobo busuku ababambanga lutho. Baasraak Zulu New Testament Bible USimoni Petru wathi kubo: “Ngiya kodoba. Basebesithi kuye: Lathi sihamba lawe. Base bephuma, bangena emkhunjini masinyane; futhi ngalobo busuku ababambanga lutho. |
USimoni waphendula wathi kuye: “Rabi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga lutho;
Njengokuba yena engowomsebenzi ofanayo, wahlala nabo esebenza, ngokuba umsebenzi wabo babengabathungi bamatende.
Nani ngokwenu niyazi ukuthi lezi zandla zisebenzele izidingo zami nezababe nami.
Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, umshikashika wethu nokushikashikeka kwethu, sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi muntu kini, sashumayela ivangeli likaNkulunkulu kini.