Uyazi yini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye owasenzayo, akuthina; singabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.
Johane 21:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wabuye wathi kuye ngokwesibili: Simoni kaJona, uyangithanda na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. Wathi kuye: Dlisa izimvu zami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabuye wathi kuye ngokwesibili: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.” Wathi kuye: “Yalusa izimvu zami.” IsiZulu 2020 Wabuye wathi kuye okwesibili: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi Wena ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yalusa izimvu zami.” Baasraak Zulu New Testament Bible Wabuye wathi kuye ngokwesibili: Simoni kaJona, uyangithanda na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. Wathi kuye: Dlisa izimvu zami. |
Uyazi yini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye owasenzayo, akuthina; singabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.
Ngokuba unguNkulunkulu wethu; thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe. Namuhla uma ufuna ukuzwa izwi lakhe,
Vuka, wena nkemba, umelusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova Sebawoti, uthi: ‘Shaya umalusi, izimvu zihlakazeke;
Nawe, Betlehema ezweni lakwaJuda, awusiye omncinyane phakathi kwezikhulu zakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe uMbusi oyakubusa abantu bami u-Israyeli.
Kuyakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ehlukanisa izimvu nezimbuzi;
Incekukazi engumlindisango yathi kuPetru: “Angithi nawe ungomunye wabafundi balumuntu na? Wathi: Kangisuye.
USimoni Petru wayemi otha. Basebesithi kuye: Lawe kawusuye omunye wabafundi bakhe? Waphika wathi: Kangisuye.
Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona, uyangithanda na? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: Uyangithanda na? Wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto wena; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye: Dlisa izimvu zami.
Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.
Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo uMalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esiphakade, iNkosi yethu uJesu Kristu.
Ngokuba naninjengezimvu ezidukayo; kodwa manje selibuyele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.
Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, niwubheke, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; kungabi ngenzuzo eyichilo, kodwa ngenhliziyo evumayo;
Ngokuba iWundlu eliphakathi kwesihlalo sobukhosi liyakubalusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila;