phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe noJose, nonina wamadodana kaZebedewu.
Johane 20:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi uyibonile iNkosi, nokuthi ikhulume lokho kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi: “Ngiyibonile iNkosi,” nokuthi: “Ishilo lokho kimi.” IsiZulu 2020 UMariya Magdalena wafika wabikela abafundi, wathi: “Ngiyibonile iNkosi,” wathi futhi: “Ikushilo lokhu kimi.” Baasraak Zulu New Testament Bible UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi uyibonile iNkosi, nokuthi ikhulume lokho kuye. |
phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe noJose, nonina wamadodana kaZebedewu.
UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani nitshele abafowethu ukuthi baye eGalile, futhi bayakungibona khona.
KwakunguMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe, nabanye besifazane ababe nabo, babatshela lokho abaphostoli.
Kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina, nodadewabo kanina, noMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena.
Ngolokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni.