isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila nesikhathi sokusina;
Johane 20:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Wathi kuzo: “Ngokuba bayithathile iNkosi yami, futhi angazi lapho abayibeke khona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zona-ke zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?” Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.” IsiZulu 2020 Izingelosi zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?” Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibeke kuphi.” Baasraak Zulu New Testament Bible Bathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Wathi kuzo: “Ngokuba bayithathile iNkosi yami, futhi angazi lapho abayibeke khona. |
isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila nesikhathi sokusina;
Usho kanje uJehova, uthi: “Bambisa izwi lakho ekukhaleni namehlo akho ezinyembezini, ngokuba umsebenzi wakho uyakuba nomvuzo,” usho uJehova; futhi bayobuya ezweni lesitha.
Wathi kubo: Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye komunye nihamba, nilusizi na?
UJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi khona, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho!
UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? ufuna bani? Yena ecabanga ukuthi ngumphathi wensimu, wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele lapho ombeke khona, mina ngiyakumsusa;
Wayesegijima, waya kuSimoni Petru nakomunye umfundi uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapho abayibeke khona.
UPawuli wasephendula wathi: Litshoni ukukhala lichoboza inhliziyo yami? ngoba mina angilungele ukubotshwa kuphela, kodwa lokufa eJerusalema ngenxa yebizo leNkosi uJesu.
Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Hana, ukhalelani na? futhi kungani ungadli? Inhliziyo yakho idabukeni na? Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na?