Wabathatha, wabathuma basuka phambi kwakhe; kepha ukudla kukaBenjamini kwaba ngokuphindwe kahlanu kunabo bonke. Baphuza, bajabula naye.
Johane 2:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kuye: Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala; kuthi lapho sebephuzile, kudlule elibi, kepha wena ugcinile elimnandi kuze kube manje. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.” IsiZulu 2020 Wathi kuye: “Wonke umuntu ukhipha iwayini elimnandi kuqala, kuthi uma abantu sebephuze kakhulu, akhiphe elibi, kodwa wena ugcine iwayini elimnandi kuze kube manje.” Baasraak Zulu New Testament Bible Wathi kuye: Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala; kuthi lapho sebephuzile, kudlule elibi, kepha wena ugcinile elimnandi kuze kube manje. |
Wabathatha, wabathuma basuka phambi kwakhe; kepha ukudla kukaBenjamini kwaba ngokuphindwe kahlanu kunabo bonke. Baphuza, bajabula naye.
newayini elithokozisa inhliziyo yomuntu, namafutha okwenza ubuso bakhe bukhanye, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.
Ngangena ensimini yami, dadewethu, makoti wami; Ngabutha imure lami namakha ami; Ngadla amakhekheba ami nezinyosi zami; Ngaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami; dlani, oh bangane! phuzani, yebo, phuzani kakhulu, zithandwa.
Kodwa uba leyonceku ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukuza; aqale ukushaya izinceku nezincekukazi, nokudla, nokuphuza, nokudakwa;
Kepha u-Abrahama wathi: “Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho usesekuphileni, noLazaru ngokunjalo nokubi;
Ngokuba laba abadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini.
Ngokuba ekudleni yilowo nalowo uphatha owakhe isidlo kuqala, omunye ulambile, omunye udakiwe.
amakhosi omhlaba aphinge nayo, nabakhileyo emhlabeni badakwa ngewayini lobufebe bayo.