Izinceku zakhe zayithwala ngenqola ifile, zisuka eMegido, zayiyisa eJerusalema, zammbela ethuneni lakhe. Abantu bezwe bathatha uJehowahazi, indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka inkosi esikhundleni sikayise.
Johane 19:41 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakukhona insimu endaweni lapho wayebethelwe khona esiphambanweni; nasensimu ithuna elisha, okungakabekwa muntu kulo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona ngakuleyo ndawo, lapho wayebethelwe khona esiphambanweni, kwakukhona insimu, nasensimini kukhona ithuna elisha okwakungazange kubekwe muntu kulo. IsiZulu 2020 Ngakuleyo ndawo ayebethelwe khona kwakunensimu, kukhona ithuna elisha kuyo, okungakaze kubekwe muntu kulo. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwakukhona insimu endaweni lapho wayebethelwe khona esiphambanweni; nasensimu ithuna elisha, okungakabekwa muntu kulo. |
Izinceku zakhe zayithwala ngenqola ifile, zisuka eMegido, zayiyisa eJerusalema, zammbela ethuneni lakhe. Abantu bezwe bathatha uJehowahazi, indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka inkosi esikhundleni sikayise.
Yini onayo lapha? Ungubani wena lapha, ukuthi uzimbele ithuna lapha, njengalokhu ezigenca ithuna phezulu, ezigenca indawo yokuhlala edwaleni, na?
Wawubeka ethuneni lakhe elisha abeligubhe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wamuka.
Yasehlisa, yasisonga ngelineni, yasibeka ethuneni eliqoshwe etsheni, okungakabekwa muntu kulo.
Ngakho bamlalisa lapho uJesu ngenxa yosuku lokuLungiselela lwabaJuda; ngoba ithuna laliseduze.
UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? ufuna bani? Yena ecabanga ukuthi ngumphathi wensimu, wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele lapho ombeke khona, mina ngiyakumsusa;