Khona babuthana abapristi abakhulu, nababhali, namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase;
Johane 18:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayesaziwa kumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu; IsiZulu 2020 USimoni Phethro nomunye umfundi owayaziwa ngumphristi omkhulu, bamlandela uJesu. UJesu wangena-ke egcekeni lomphristi omkhulu. Baasraak Zulu New Testament Bible USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayesaziwa kumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu. |
Khona babuthana abapristi abakhulu, nababhali, namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase;
Base bemthatha, bamhola, bamusa endlini yompristi omkhulu. UPetru walandela ekude.
Base bemhola uJesu kuKayafase bamusa endlini yokwahlulela; futhi bona abazange bangene endlini yokwahlulela, funa bangcoliswe; kodwa ukuze badle iphasika.