Johane 17:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi konke okwami kungokwakho, nokwakho kungokwami; futhi ngiyakhazinyuliswa kubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Konke okwami kungokwakho, nokwakho kungokwami; ngikhazimulisiwe kubona. IsiZulu 2020 Konke okwami kungokwakho, nalokho okungokwakho kungokwami. Ngikhazimulisiwe kubo. Baasraak Zulu New Testament Bible Futhi konke okwami kungokwakho, nokwakho kungokwami; futhi ngiyakhazinyuliswa kubo. |
UJesu esekuzwile wathi: Lokhu kugula akusikho okokufa, kodwa kungokwenkazimulo kaNkulunkulu, ukuze iNdodana kaNkulunkulu ikhazinyuliswe ngakho.
UJesu wabaphendula wathi: “Isikhathi sesifikile sokuba iNdodana yomuntu ikhazinyuliswe.
ukuze bonke bahloniphe iNdodana, njengalokhu bedumisa uYise. Ongayihloniphi iNdodana akamhloniphi uYise oyithumileyo.
Lokho kwaziwa yibo bonke abakhileyo e-Efesu abaJuda namaGreki; ukwesaba kwabehlela bonke, ladunyiswa igama leNkosi uJesu.
Njengokulangazelela kwami nethemba lami, ukuthi angiyikuba namahloni ngalutho, kodwa ukuthi ngaso sonke isibindi, njengalokhu kwenzeka njalo, kanjalo namanje uKristu uyakuphakanyiswa emzimbeni wami, noma kungokuphila noma ngokufa.
Lapho isiza ukukhazinyuliswa kwabangcwele bayo, nokutuswa yibo bonke abakholwayo (ngokuba kwakholwa ubufakazi bethu phakathi kwenu) ngalolo suku.
ukuze ibizo leNkosi yethu uJesu Kristu likhazinyuliswe kini, lani kuye, ngokomusa kaNkulunkulu wethu leNkosi uJesu Kristu.
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;