Johane 16:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 “Lezizinto ngizikhulume kini ngemifanekiso; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngikhulume lokho kini ngemifanekiso; isikhathi siyeza, lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala. IsiZulu 2020 “Lokho ngikukhulume kini ngemifanekiso, kodwa siyeza isikhathi lapho ngingasayukukhuluma ngemifanekiso, kodwa ngiyakukhuluma ngoBaba ngokusobala. Baasraak Zulu New Testament Bible “Lezizinto ngizikhulume kini ngemifanekiso; |
Wasesithi kubo: Kaliwazi yini lumfanekiso? Pho niyakuyazi kanjani imifanekiso yonke na?
Kepha akakhulumanga kubo ngaphandle komfanekiso; kepha sebebodwa wabachazela abafundi bakhe zonke izinto.
Base bemhaqa abaJuda, bathi kuye: “Koze kube nini usenza singabaze na? Uma unguKristu, sitshele ngokusobala.
UJesu wakhuluma lo mfanekiso kubo, kepha bona kabaqondanga ukuthi kuyini abekukhuluma kubo.
Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.
Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, kube yilowo nalowo aye kowabo, ningishiye ngedwa; nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.
Kodwa sizilahlile izinto ezifihlakeleyo zehlazo, kasihambi ngobuqili, singaphambanisi ilizwi likaNkulunkulu; kodwa ngokuveza iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.