Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 14:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

Uma beningazile mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ukuba beningazi Mina, beniyakumazi noBaba; kodwa niyamazi manje, futhi nimbonile.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Uma beningazile mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 14:7
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Zonke izinto zinikelwe kimi nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uBaba; kakho futhi omaziyo uYise, ngaphandle kweNdodana, njalo loba ngubani iNdodana ethanda ukumambulela kuye.


Tsohle ke di neilwe ke Ntate; mme ha ho ya tsebang Mora ke mang, haese Ntate; le hore na Ntate ke mang, haese Mora, le eo Mora a ratang ho mo senolela yena.


Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.


Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;


Lalokhu bayakukwenza kini, ngokuba bengamazanga uBaba noma mina.


ukuze bonke babe munye; njengalokhu wena, Baba, ukimi, nami ngikuwe, ukuze nabo babe munye kithi, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.


Mina ngikubo, lawe ukimi, ukuze bapheleliswe ebunyeni; ukuze izwe lazi ukuthi wena ungithumile, nokuthi ubathandile, njengalokho ungithandile mina.


Ngibazisile igama lakho, futhi ngizakulazisa ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa weqiniso, noJesu Kristu omthumileyo.


Ngilibonakalisile igama lakho kubantu onginike bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.


Ngokuba amazwi onginike wona ngibanikile bona; futhi bawamukele, futhi bazi isibili ukuthi ngaphuma kuwe, futhi bakholwa ukuthi wena ungithumile.


Kungesikho ukuthi ukhona oke wabona uBaba, kuphela ovela kuNkulunkulu;


Base bethi kuye: “Uphi uYihlo na? UJesu waphendula wathi: “Anazi mina noBaba; uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba.


Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.


Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu;


Ngiyanilobela bobaba, ngokuba nimazile okhona kwasekuqaleni. Ngiyanilobela, zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi. Ngiyanilobela, bantwanyana, ngokuba nimazile uBaba.