Zonke izinto zinikelwe kimi nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uBaba; kakho futhi omaziyo uYise, ngaphandle kweNdodana, njalo loba ngubani iNdodana ethanda ukumambulela kuye.
Johane 14:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. IsiZulu 2020 UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. |
Zonke izinto zinikelwe kimi nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uBaba; kakho futhi omaziyo uYise, ngaphandle kweNdodana, njalo loba ngubani iNdodana ethanda ukumambulela kuye.
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
Mina ngizinika ukuphila okuphakade; azisoze zabhubha naphakade, akakho ongazihlwitha esandleni sami.
Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.
Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene aphume, afumane idlelo.
Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona; kodwa nina niyangibona, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila.
UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.
Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise; ngokunjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.
Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade;
Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, kanjalo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.
USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade nguwe.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akubona ukufa naphakade.
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.
wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku eziya emasinagogeni, ukuze kuthi uma ethola abanye baleyo Ndlela, abesilisa noma abesifazane, abalethe eJerusalema beboshiwe.
ukuze ngibe yisikhonzi sikaJesu Kristu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu, ukuze umnikelo kwabezizwe wamukeleke, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.
okungaye futhi sinokungena ngokholo kulo musa esimi kuwo, sizibonga ethembeni lenkazimulo kaNkulunkulu.
ukuze njengalokho isono sabusa kube ngukufa, ngokunjalo nomusa ubuse ngokulunga kube ukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.
Kanjalo kulotshiwe ukuthi: Umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; uAdamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.
Nxa uKristu ongukuphila kwethu esebonakala, khona nani nizakubonakala kanye naye enkazimulweni.
Ngakho unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubakhulekela.
UMoya oNgcwele efakaza lokhu, ukuthi indlela eya endaweni engcwele yayingakabonakali, itabernakele lokuqala lisamile;
enikholwa ngaye kuNkulunkulu owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo; ukuze ukholo lwenu nethemba libe kuNkulunkulu.
Okuza kuye njengetshe eliphilayo, elaliwayo ngempela ngabantu, kodwa elikhethiweyo nguNkulunkulu, eliyigugu;
Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;
Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.
Lo nguye oweza ngamanzi negazi, uJesu Kristu; kungeyisikho ngamanzi kuphela, kodwa ngamanzi legazi. Futhi uMoya ufakaza, ngoba uMoya uliqiniso.
Lowo oweqayo, njalo engahlali emfundisweni kaKristu, kalaNkulunkulu; Lowo ohlala emfundisweni kaKristu unabo bobabili uYise neNdodana.
nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.
Ngabona izulu livulekile, bheka, ihhashi elimhlophe; nohlezi phezu kwalo ubizwa ngokuthi, oThembekileyo noQinisileyo, futhi ngokulunga uyahlulela, enze impi.
Noma ngubani ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo.
Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.
UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.
Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisile, isiqalo sokudaliweyo kukaNkulunkulu;
Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi; “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu; avale kungavuli muntu;