Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.
Johane 14:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi uma ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginemukele kimi; ukuze lapho ngikhona, libe khona lani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani. IsiZulu 2020 Nakuba ngiya ukunilungisela indawo, ngiyobuye ngize, nginilande ukuze nani nibe lapho ngikhona. Baasraak Zulu New Testament Bible Futhi uma ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginemukele kimi; ukuze lapho ngikhona, libe khona lani. |
Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.
Nizwile ukuthi ngithe kini: Ngiyamuka, futhi ngibuye ngize kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngithé: Ngiya kuBaba, ngokuba uBaba mkhulu kunami.
Baba, ngithanda ukuba labo onginike bona nabo babe nami lapho ngikhona; ukuze babone inkazimulo yami onginike yona, ngokuba wangithanda kungakasekelwa umhlaba.
Athi futhi: Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, onyuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo njengalokho nimbonile eya ezulwini.
Njalo uba singabantwana, siyizindlalifa; izindlalifa zikaNkulunkulu, lezindlalifa kanye loKristu; uma kambe sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.
Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu:
ukuze ibizo leNkosi yethu uJesu Kristu likhazinyuliswe kini, lani kuye, ngokomusa kaNkulunkulu wethu leNkosi uJesu Kristu.
Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.
Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.