Johane 14:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kawukholwa yini ukuthi mina ngikuBaba, loBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami, kepha uBaba ohlezi kimi, nguyena owenza imisebenzi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi, na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe. IsiZulu 2020 Awukholwa yini ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi na? Amazwi engiwakhulumayo Mina kini, angiwakhulumi ngokwami; kodwa uBaba ohleli kimi wenza imisebenzi yakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Kawukholwa yini ukuthi mina ngikuBaba, loBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami, kepha uBaba ohlezi kimi, nguyena owenza imisebenzi. |
Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, nikholwe ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.
Ngokuba angikhulumanga ngokwami; kodwa uBaba ongithumileyo nguyena onginike umyalo, engizakusho, nokuthi ngiyakukhulumani.
Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani yimi ngenxa yayo yona imisebenzi.
Ongangithandiyo akagcini amazwi ami; nezwi enilizwayo akusilo elami, kodwa ngelikaBaba ongithumileyo.
Ngokuba amazwi onginike wona ngibanikile bona; futhi bawamukele, futhi bazi isibili ukuthi ngaphuma kuwe, futhi bakholwa ukuthi wena ungithumile.
Yena weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo wena, uma uNkulunkulu engenaye.
Kodwa uJesu wabaphendula wathi: UBaba uyasebenza kuze kube khathesi, lami ngiyasebenza.
UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza;
UJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami kayisiyo eyami, kodwa ngeyalowo ongithumileyo.
Khona uJesu wathi kubo: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami; kodwa njengoba uBaba engifundisile, ngikhuluma lezizinto.
Mina ngikhuluma lokho engikubonile kuBaba; nina nenza lokho enikubonile kuyihlo.
Kepha manje nifuna ukungibulala mina, mina muntu onitshele iqiniso, engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama akakwenzanga lokho.
Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.
okuwukuthi uNkulunkulu ekuKristu, enza izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo; futhi ubeke kithi izwi lokubuyisana.
Ngokuba bathathu abafakazayo ezulwini, uYise, noLizwi, noMoya oNgcwele; futhi laba abathathu bamunye.