Ngiyakugeza izandla zami ngingenacala; kanjalo ngiyakuzungeza i-altare lakho, Jehova;
Johane 13:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, kungabi izinyawo zami zodwa, kodwa nezandla nekhanda lami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, akungabi yizinyawo zodwa kepha nezandla nekhanda.” IsiZulu 2020 USimoni Phethro wathi kuye: “Nkosi, makungabi yizinyawo zodwa, kodwa nezandla nekhanda.” Baasraak Zulu New Testament Bible USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, kungabi izinyawo zami zodwa, kodwa nezandla nekhanda lami. |
Ngiyakugeza izandla zami ngingenacala; kanjalo ngiyakuzungeza i-altare lakho, Jehova;
Jerusalema, geza inhliziyo yakho ebubini, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho eyize ihlala kini na?
Kwathi uPilatu ebona ukuthi kakusizi lutho, kodwa ukuthi isiyaluyalu sisuka kakhulu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwexuku, wathi: Anginacala egazini lalumuntu olungileyo; ziboneleni lina.
UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo akasweli lutho ngaphandle kokugezwa izinyawo, kodwa uhlanzekile ngokuphelele;
UPetro wathi kuye: Kawusoze wageza inyawo zami. UJesu wamphendula wathi: Uba ngingakugezi, kawulasabelo lami.
Masisondele ngenhliziyo eqinisileyo, sinesiqinisekiso esigcwele sokukholwa, izinhliziyo zethu zifafaziwe kunembeza omubi, nemizimba yethu igeziwe ngamanzi acwebileyo.
Umfanekiso onjengawo umbhapathizo osusisindisa ngawo manje, kungesikho ukususa insila yenyama, kodwa impendulo kanembeza omuhle kuNkulunkulu, ngokuvuka kukaJesu Kristu;