Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Johane 13:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kwakukhona omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwakuhlezi ekudleni omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Omunye wabafundi, lo uJesu ayemthanda kakhulu, wayehleli eduze naye, encike esifubeni sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kwakukhona omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu.

Uka jalj uñjjattʼäta



Johane 13:23
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa indoda empofu yayingenalutho, ngaphandle kwewundlu elilodwa lensikazi elincane eyalithenga futhi yalikhulisa, futhi lakhula kanye nayo nabantwana bayo; ladla okwalo, laphuza endebeni yalo, lalala esifubeni sakhe, lalinjengendodakazi kuye.


U-Azariya indodana kaNathani wayephezu kwezikhulu, noZabudi indodana kaNathani wayeyinduna enkulu nomngane wenkosi.


Kwasekusithi wafa ompofu, wathwalwa yizingilosi esifubeni sikaAbrahama;


Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.


Ngakho odadewabo bathumela kuye, besithi: Nkosi, khangela, omthandayo uyagula.


Ngakho amaJuda athi: Khangelani ukuthi wayemthanda kangakanani!


Kepha uJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru.


USimoni Petru wayesemqhweba ukuthi abuze ukuthi ukhuluma bani.


Yena eqamele esifubeni sikaJesu wathi kuye: “Nkosi, ngubani na?


UJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi khona, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho!


Wayesegijima, waya kuSimoni Petru nakomunye umfundi uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapho abayibeke khona.


UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela; laye eyame esifubeni sakhe esidlweni, wathi: Nkosi, ngubani okukhaphelayo?


Nguye lo umfundi ofakaza ngalezi zinto, nezilobile lezizinto; siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buqinisile.


Ngakho lowomfundi uJesu amthandayo wathi kuPetro: YiNkosi. USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka ingubo yakhe yokudoba, ngokuba wayenqunu, waziphonsa olwandle.