Tshengisani okuzayo, ukuze sazi ukuthi ningonkulunkulu: yebo, yenzani okuhle noma nenze okubi, ukuze sesabe, sikubone kanyekanye.
Johane 13:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kalokhu ngiyanitshela kungakenzeki, ukuze, nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kusukela manje ngiyanitshela kungakenzeki ukuba, nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye. IsiZulu 2020 “Kusukela manje ngiyanitshela kungakenzeki, ukuze nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi ngiNguye. Baasraak Zulu New Testament Bible Kalokhu ngiyanitshela kungakenzeki, ukuze, nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye. |
Tshengisani okuzayo, ukuze sazi ukuthi ningonkulunkulu: yebo, yenzani okuhle noma nenze okubi, ukuze sesabe, sikubone kanyekanye.
Ningofakazi bami, usho uJehova, nenceku yami engiyikhethileyo ukuba nazi, nikholwe yimi, niqonde ukuthi yimi;
Ngimemezele kini kusukela ekuqaleni; kungakenzeki ngakubonisa, ukuze ungasho ukuthi: ‘Isithombe sami sikwenzile, nesithombe sami esibaziweyo nesithombe sami esibunjiweyo sakuyala.’
Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.
UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami mkhulu kunami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.
Kepha nginitshelile lezizinto, ukuze kuthi lapho kufika isikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona. Futhi lezi zinto angishongo kini ekuqaleni, ngoba nganginani.
Khona uJesu wathi kubo: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami; kodwa njengoba uBaba engifundisile, ngikhuluma lezizinto.
UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: U-Abrahama engakabi khona, mina ngikhona.