Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bakhohlakele, benze izinto ezinyantisayo, akekho owenza okuhle.
Johane 12:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wakusho lokho kungesikho ukuthi wayekhathalela abampofu; kodwa ngoba belisela, liphethe isikhwama, lithwala okufakwe kuso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso. IsiZulu 2020 Lokho wakusho, hhayi ngokuba ekhathalela abampofu, kodwa ngokuba eyisela futhi ephatha isikhwama semali, ayebuye ebe okufakwa kuso. Baasraak Zulu New Testament Bible Wakusho lokho kungesikho ukuthi wayekhathalela abampofu; kodwa ngoba belisela, liphethe isikhwama, lithwala okufakwe kuso. |
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bakhohlakele, benze izinto ezinyantisayo, akekho owenza okuhle.
Beza kuwe njengokuza kwabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, bezwe amazwi akho, kepha bangawenzi; ngoba ngomlomo wabo batshengisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ilandela ukuhaha kwabo.
Wasesithi kubo: Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami izabizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka; kepha nina niyenze umhume wabaphangi.
NoJowana umkaKhuza inceku kaHerode, noSusana, nabanye abaningi, ababemkhonza ngempahla yabo.
Kungani lawa mafutha engathengiswanga ngabodenariyo abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu na?
Ngokuba abanye babecabanga ukuthi, ngokuba uJuda wayephethe isikhwama, uJesu wathi kuye: Thenga esikuswele emkhosini; kumbe ukuthi kabele abayanga.
Namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
Ngokuba uma kungena ebandleni lenu indoda enendandatho yegolide, ingubo enhle, kungena nompofu ogqoke izingubo ezingcolile;
Kepha nina nibadelile abampofu. Izicebi azinicindezeli yini, zinidonsele phambi kwezihlalo zokwahlulela na?