Bonke abakhulupheleyo emhlabeni bayakudla, bakhuleke; bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe; futhi akekho ongagcina umphefumulo wakhe uphila.
Johane 12:43 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu. IsiZulu 2020 ngokuba babethanda udumo lwabantu, kunodumo lukaNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu. |
Bonke abakhulupheleyo emhlabeni bayakudla, bakhuleke; bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe; futhi akekho ongagcina umphefumulo wakhe uphila.
Ngakho-ke nxa wabela izipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengokuba kwenza abazenzisi emasinagogeni nasezitaladini, ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
Wathi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo phambi kwabantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakeme phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.
Yathi kuyo: “Kuhle, nceku enhle; ngokuba ubuthembekile kokuncane, yiba namandla phezu kwemizi eyishumi.
Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.
Ningakholwa kanjani nina enidumisa omunye komunye, ningaludingi udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa na?
Okhuluma okwakhe uzifunela udumo lwakhe, kepha ofuna udumo lwalowo omthumileyo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.
UJesu waphendula wathi: “Uma ngizidumisa mina, udumo lwami luyize; enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu;
Kodwa umJuda enguye ngaphakathi; nokusoka kungokwenhliziyo emoyeni, kungabi ngokombhalo; okudumisa kwakhe akuveli kubantu, kodwa kuNkulunkulu.
Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade;
Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.
Asifunanga ukudunyiswa ngabantu, nakini, noma kwabanye, nakuba sasingaba umthwalo njengabaphostoli bakaKristu.
Kodwa makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo, ekuhlobeni okungaboliyo, okungomoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.
Wathi: “Ngonile; kepha ngidumise phambi kwamalunga abantu bami naphambi kuka-Israyeli, nibuye nami, ngikhonze uJehova uNkulunkulu wenu.
Ngalokho usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngishilo nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo iyakuhamba phambi kwami kuze kube phakade; kepha Jehova muntu, makube kude nami; Ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa, nabangidelelayo bayakuba-delelekile.