Vuka, moya wasenyakatho! woza wena ningizimu! phephetha phezu kwensimu yami, ukuze amakha ayo aphume. Othandiweyo wami makangene ensimini yakhe, adle isithelo sakhe esimnandi.
Johane 12:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bamenzela khona isidlo sakusihlwa; uMarta wayekhonza; kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi naye ekudleni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bemenzela ukudla khona; uMarta wayephaka, kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi ekudleni naye. IsiZulu 2020 Bamenzela ukudla lapho. UMartha waphaka. ULazaru wayengomunye wababehlezi esidlweni. Baasraak Zulu New Testament Bible Bamenzela khona isidlo sakusihlwa; uMarta wayekhonza; kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi naye ekudleni. |
Vuka, moya wasenyakatho! woza wena ningizimu! phephetha phezu kwensimu yami, ukuze amakha ayo aphume. Othandiweyo wami makangene ensimini yakhe, adle isithelo sakhe esimnandi.
Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni onochoko, ehlezi ekudleni, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabaste wamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu; wahlephula umfuma, wamthela ngawo ekhanda.
Wayesethi nakumemileyo: “Nxa usenza isidlo sakusihlwa noma sakusihlwa, ungabizi abangane bakho, nabafowenu, noma izihlobo zakho, noma omakhelwane bakho abanothile; funa nabo babuye bakumeme, kube nembuyiselo kuwe.
Ngokuba yimuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo? Akusiye ohlezi ekudleni na? kodwa mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo.
ULevi wamenzela idili elikhulu endlini yakhe, kwakukhona isixuku esikhulu sabathelisi nabanye ababehlezi nabo ekudleni.
Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.