Uthi ngingecele kuBaba ukuthi anginike manje amalegiyona ezingelosi angaphezu kweshumi nambili na?
Johane 11:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nalowo ophilayo ekholwa yimi kasoze afa naphakade. Uyakukholwa lokhu na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?” IsiZulu 2020 nalowo ophilayo, akholwe yimi, akasoze afa nanini. Uyakukholwa yilokho na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Nalowo ophilayo ekholwa yimi kasoze afa naphakade. Uyakukholwa lokhu na? |
Uthi ngingecele kuBaba ukuthi anginike manje amalegiyona ezingelosi angaphezu kweshumi nambili na?
Esengene endlini, izimpumputhe zeza kuye; uJesu wathi kuzo: “Niyakholwa ukuthi ngingakwenza lokhu na? Basebesithi kuye: Yebo, Nkosi.
Mina ngizinika ukuphila okuphakade; azisoze zabhubha naphakade, akakho ongazihlwitha esandleni sami.
Kawukholwa yini ukuthi mina ngikuBaba, loBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami, kepha uBaba ohlezi kimi, nguyena owenza imisebenzi.
Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade, akayi ekwahlulelweni; kodwa wedlulile ekufeni wangena ekuphileni.
UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele ngaphandle; kwathi esemtholile wathi kuye: Wena uyakholwa yini eNdodaneni kaNkulunkulu?
Ngokuba uma niphila ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.