Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukumduduza; kepha wala ukududuzwa; wathi: “Ngokuba ngiyakwehlela endaweni yabafileyo ngilila indodana yami.” Ngakho uyise wamkhalela.
Johane 11:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwafika abaningi kumaJuda kuMarta noMariya ukuze babaduduze ngomnewabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo. IsiZulu 2020 Iningi labaJuda lalifikile ukuzoduduza uMartha noMariya ngomnewabo. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwafika abaningi kumaJuda kuMarta noMariya ukuze babaduduze ngomnewabo. |
Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukumduduza; kepha wala ukududuzwa; wathi: “Ngokuba ngiyakwehlela endaweni yabafileyo ngilila indodana yami.” Ngakho uyise wamkhalela.
UDavida wasesithi: Ngizamenzela umusa uHanuni indodana kaNahashi, njengoba uyise wangenzela umusa. UDavide wathumela ngesandla sezinceku zakhe ukumduduza ngoyise. Izinceku zikaDavide zafika ezweni labantwana bakwa-Amoni.
Aqeda, onke amadoda anesibindi, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe, aziyisa eJabeshi, angcwaba amathambo awo phansi komuthoni eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.
Kwathi abangane bakaJobe abathathu bezwa ngakho konke lokhu okubi okumehleleyo, bafika, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe; uElifazi umThemani, noBhilidadi umShuhi, noSofari umNahama; ngoba benza isivumelwano sokudabuka kanye lokumduduza.
Khona-ke bonke abafowabo nabo bonke odadewabo nabo bonke abazana naye beza kuye badla isinkwa naye endlini yakhe; bamlilela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona; bamnika, kwaba yilowo nalowo uhlamvu lwemali, kwaba yilowo nalowo icici legolide.
Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili; ngokuba lokhu kungukuphela kwabantu bonke; ophilayo uyakukubeka enhliziyweni yakhe.
Lezizinto ezimbili zikwehlele; ngubani ozokuhawukela? ukubhujiswa nokuchithwa nendlala nenkemba; ngizoniduduza ngobani?
Ngenxa yalezi zinto ngiyakhala; iso lami, iso lami liyaconsa amanzi, ngokuba umduduzi oyakukhanyisela umphefumulo wami ukude nami; abantwana bami bayaphithizela, ngokuba isitha sinqobile.
Ukhala kakhulu ebusuku, izinyembezi zakhe zisezihlathini zakhe; phakathi kwazo zonke izithandwa zakhe akakho omduduzayo; bonke abangane balo bamkhohlisile, baba yizitha zalo.
Bezwa ukuthi ngiyabubula; akakho ongiduduzayo; zonke izitha zami zizwile ngosizi lwami; bayajabula ngokuthi ukwenzile; Uzoletha usuku owalubiza ngalo, futhi bayoba njengami.
Ukungcola kwakhe kusezigqokweni zakhe; akacabangi ngesiphetho sakhe sokugcina; ngakho lahamba ngokumangalisayo, lingelamduduzi. Jehova, bheka usizi lwami, ngokuba isitha sizikhulisile.
Kufanele ngithatheni ukuze ngifakaze kini? Ngingafanisa nani ndodakazi yaseJerusalema na? ngiyakubonani kuwe, ukuze ngikududuze, ndodakazi yaseSiyoni na? ngoba ukufohla kwakho kukhulu njengolwandle; ngubani ongakuphilisa?
O ne a na le kgaitsedi e bitswang Maria, ya dutseng maotong a Jesu, a utlwa lentswe la hae.
Empa ho hlokeha ntho e le nngwe: mme Maria o ikgethetse kabelo e molemo, eo a ke keng a e amohuwa.
Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na?
Kwakukhona ogulayo othile, uLazaru waseBethaniya, umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta.
AmaJuda ayenaye endlini emduduza, ebona uMariya esukuma masinyane waphuma, amlandela, ethi: “Uya ethuneni ukuyokhala khona.
Kwathi uJesu embona ekhala, nabaJuda ababeze naye bekhala, wabubula emoyeni, wakhathazeka;
Ngakho abaningi kubaJuda ababeze kuMariya bebona akwenzileyo uJesu bakholwa nguye.
Abafundi bakhe bathi kuye: Rabi, abaJuda sebefuna ukukukhanda ngamatshe; futhi uya khona futhi?
osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze sibe lamandla okududuza labo abasosizini lonke, ngenduduzo esiduduzwa ngayo thina ngokwethu nguNkulunkulu.
Athatha amathambo abo, awangcwaba phansi kwesihlahla eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.