UJehova wabonakala kuye ngalobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe, ngikubusise, ngandise inzalo yakho ngenxa ka-Abrahama inceku yami.
Johane 11:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; nokho asiye kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; kepha asiye kuye.” IsiZulu 2020 Kepha ngiyathokoza ngenxa yenu ngokuthi bengingekho lapho, ukuze nikholwe, kodwa masihambe siye kuye.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; nokho asiye kuye. |
UJehova wabonakala kuye ngalobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe, ngikubusise, ngandise inzalo yakho ngenxa ka-Abrahama inceku yami.
Kusukela esikhathini eyambeka ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wayibusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa; isibusiso sikaJehova sasiphezu kwakho konke okwayo endlini nasensimini.
Bheka, bayakubutha nokubuthana, kungengami; bonke abakubuthanelayo bayakuwa ngenxa yakho.
Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu kufunyanwa ulele ehlukuzweni, nokuthi: ‘Ungawubhubhisi; ngokuba isibusiso sikuyo; ngiyakwenza kanjalo ngenxa yezinceku zami, ukuze ngingababhubhisi bonke.
Khona uTomase, othiwa uDidimu, kubafundi abakanye naye: Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.
UJesu esekuzwile wathi: Lokhu kugula akusikho okokufa, kodwa kungokwenkazimulo kaNkulunkulu, ukuze iNdodana kaNkulunkulu ikhazinyuliswe ngakho.
Lokho ukuqala kwezibonakaliso uJesu wakwenza eKhana laseGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa kuye.
Ngokuba konke kungenxa yenu, ukuze umusa ngokwandayo ngokubonga kwabaningi uvame, kube ludumo kuNkulunkulu.
Ngakho ngibekezelela izinto zonke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze labo bazuze usindiso olukuKristu Jesu, kanye lenkazimulo yaphakade.
Lezi zinto nginilobele nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu; ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade, nikholwe egameni leNdodana kaNkulunkulu.