UGehazi waphuma phambi kwabo, wabeka induku ebusweni bomfana; kodwa kwakungekho zwi nezilaleli. Ngakho waphinda wahlangana laye wamtshela wathi: Umntwana kakaphaphami.
Johane 11:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Washo lokho, emva kwalokho wathi kubo: “Umngane wethu uLazaru ulele; kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.” IsiZulu 2020 Wakukhuluma lokho, qede wathi kubo: “ULazaru, umngani wethu ulele, kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni.” Baasraak Zulu New Testament Bible Washo lokho, emva kwalokho wathi kubo: “Umngane wethu uLazaru ulele; kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni. |
UGehazi waphuma phambi kwabo, wabeka induku ebusweni bomfana; kodwa kwakungekho zwi nezilaleli. Ngakho waphinda wahlangana laye wamtshela wathi: Umntwana kakaphaphami.
Awusiye uNkulunkulu wethu yini owaxosha abakhileyo kuleli zwe phambi kwabantu bakho u-Israyeli, walinika inzalo ka-Abrahama umngane wakho kuze kube phakade na?
UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso, njengalokho umuntu ekhuluma nomngane wakhe. Wabuyela ekamu, kepha inceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, akasukanga etendeni.
Kepha wena Israyeli, uyinceku yami, uJakobe engikukhethileyo, inzalo ka-Abrahama umngane wami.
Abaningi kwabalele othulini lomhlaba bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ehlazweni nasekudelweni okuphakade.
Esengenile wathi kubo: “Kungani niphithizela nikhale na? Intombazana ayifile, kodwa ilele.
Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokuphumula ebuthongweni.
Lowo onomakoti ungumyeni; kepha umngane womyeni, omiyo emuzwa, uthokoza kakhulu ngezwi lomyeni; ngakho lokhu kujabula kwami kugcwalisekile.
Waseguqa phansi, wamemeza ngelizwi elikhulu wathi: Nkosi, ungababaleli lesisono. Eseshilo lokho walala ubuthongo.
Phaphamani ekulungeni, ningoni; ngoba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngikhuluma lokhu ukuze libe lenhloni.
Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; Asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke;
UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, wena uyakulala koyihlo; lababantu bayakusukuma baphinge nonkulunkulu babafokazi bezwe abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangilahle, baphule isivumelwano sami engasenza nabo.
Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: U-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga, wabizwa ngokuthi uMngane kaNkulunkulu.