Wasesithi ezincekwini zakhe: Lo nguJohane uMbhabhathizi; uvukile kwabafileyo; ngakho-ke imisebenzi yamandla iyabonakala kuye.
Johane 10:41 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abaningi beza kuye, bathi: “UJohane akenzanga sibonakaliso, kepha konke uJohane akushoyo ngalo muntu kwakuyiqiniso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nabaningi beza kuye, bathi: “UJohane nempela akenzanga sibonakaliso nasinye, kepha konke uJohane akusho ngalowo muntu kwakuqinisile.” IsiZulu 2020 Abaningi beza kuye, bathi: “Impela uJohane akenzanga nasinye isibonakaliso, kodwa-ke konke uJohane akukhuluma ngalo muntu kuyiqiniso.” Baasraak Zulu New Testament Bible Abaningi beza kuye, bathi: “UJohane akenzanga sibonakaliso, kepha konke uJohane akushoyo ngalo muntu kwakuyiqiniso. |
Wasesithi ezincekwini zakhe: Lo nguJohane uMbhabhathizi; uvukile kwabafileyo; ngakho-ke imisebenzi yamandla iyabonakala kuye.
Kusenjalo sekubuthene ixuku labantu, baze banyathelana, waqala ukuthi kubafundi bakhe kuqala: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.
Kwathi isixuku simcindezela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha.
nguye oza emva kwami, omi phambi kwami, engingafanele ukuthukulula umchilo wesicathulo sakhe.
Lokho ukuqala kwezibonakaliso uJesu wakwenza eKhana laseGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa kuye.