Johane 10:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami, njengalokho ngasho kini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kodwa nina anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami. IsiZulu 2020 kodwa nina anikholwa, ngokuba anisizo izimvu zami. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami, njengalokho ngasho kini. |
Nxa esezikhiphile ezakhe izimvu, uhamba phambi kwazo, nezimvu zimlandele, ngokuba ziyalazi izwi lakhe.
Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle.
Wasesithi: Kungakho ngithe kini: Kakho ongeza kimi, ngaphandle kokuthi ukuphiwe nguBaba.
OngokaNkulunkulu uyawezwa amazwi kaNkulunkulu; ngalokho aniwezwa, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.
Thina singabakaNkulunkulu; omaziyo uNkulunkulu uyasizwa; ongesiye okaNkulunkulu akasizwa. Ngalokhu siyazi umoya weqiniso nomoya wokuduka.